Know Thine Self
ISIBONGO
esisetshenziswayo
|
IZITHAKAZELO
kafuphi
|
IZITHAKAZELO
ngobude bazo
474
|
|
B
|
12
|
||
Bhebhe
|
Makhedama,
Soyengwase, |
Nina bakaBhebhe kaMthendeka!
Nina bakaSoqubel’ onjengegundwane! Nina baseSiweni, kwaMpuku yakwaMselemusi, kwaNogwence webaya! Dlomo weNdl' ende! Sihlangu samavaka seswel' ababhemu! Wen' owalala nomunw'endunu, wavuka wawuncinda wawukhomb'ilanga! Makhul'emini
abafokazana bekhul' ebusuku!
Zingwazi zempi yakwaNdunu! Njoman' eyaduk' iminyakanyaka, yatholakal' onyakeni wesine; yabuye yatholakala ngowesikhombisa! Langeni, owavel' elangeni! |
|
Bhembe
|
Mashinini, Guliwe
|
||
Bhengani
|
Singo,
Nyambawu
|
||
Bhengu
|
Ngcolosi, Dlabazana
|
Nina bakwaDlabazanekaNgwane,
kaNephu kaLamula! Nyawo zigezwa ngamazolo! Nin’ enivuka nixubhe ngelala! Shongololo, wath’ uyalithinta lahwaqabala! Ngabe siyakudla, sesab' imilenzelenze! Nyawo zeshongololo kaziphumuli! Sigampu! Ngwane, ingwan’ ingwadi; abayibone ngesond' ukuth’ iwelile! Jali! Nin’ enilala nomunw’ endunu, nivuke nikhwif' ilanga! M’memezi kaHlangabeza, Ngcolosi! |
|
Bhuyeni
|
Sigwaxa
|
||
Biyase
|
Khathini, Ziqubu
Luphondo! |
Ngonyama
yenduna,
|
|
Biyela
|
Mgazi, Ntshangase, Menziwa,
Mvundlane, Mgazi,
Malandela,
Ndabezitha, Mgazi! |
Luzumane kaNdaba!
Bazume, Ndaba, balibele!
Njezi
kaXhoko!
Mvundlane
wasoKhabeni,
Mbeng' osinda abosi, |
|
Blose
(Bhulose)
|
Ndelu, Shinga,
Madiba (Madziba),
Dimba, Duma, Mseleku, Bohlela! |
Phonsel’
obus’uMajonjobela!
Othunga
ligcwala lingethiwanga; ligcwal’ ukuhlakanipha!
Noncengwa!
Wen’ owancengw’ izintombi
zathi
sicel’ usishade, Bhulose!
Chobile!
Wen’ owachob’ izintwala zenkosazana!
Shinga!
Ak’shinganga mina,
kwashing’ isibongo!
|
|
Bophela
|
Hlomuka, Ngidi
Busane,
Fuyane, Mazinga! |
||
Bukhosini
|
Mtshali
|
||
Buleni
|
|||
Buthelezi
|
Shenge, Sokwalisa
Phungashe
|
Mnyamana
kaNgqengelele!
Mnandi
ngamondi!
Wen’ owadliwa ‘zindlovukazi zamlobolela! Nina ‘zinyawo ezimahhele, enaganis’ izintombi nanganye nangambili! |
|
C
|
15
|
||
Caluza
|
Mnguni
|
||
Cambi
|
Mathaba
|
||
Cebekhulu
|
Linda, Nsele, Mafu, Nkunga
|
Nsele kaLindamkhonto!
Nongalo, Mntungwa, Sothinyase!
Linda kaMafu!
Nina bakaMtoyi
kaGobho!
Mayinga kaNombedu;
Oying’ izintaba
zombili!
Uying’ uMpehleya;
wayinga
noMaqhwakazi!
Izintab’
ezinamancongo (amabizo) njengabantu!
Intak’ ehlal’
umhlakuva wakhothama!
Is’khov’
umahhehhe;
singathi hhi,
siyenanela!
Senanel’ im’hlamb’
yamadod’ ingqubuzana!
|
|
Cele
|
Mlungisi, Ndosi, Magaya, Khumbuza,
Dubandlela
|
||
Chagwe
|
|||
Chamane
|
Gcugcwa, Nzama
|
||
Chibi
|
|||
Chili
|
Mthuli, Ngwenya
|
||
Chiliza
|
Mdunge
|
||
Chiya
|
Wohlanga, Galweni
|
||
Chonco
|
Gambushe
|
||
Chule
|
Nxele
|
||
Cibane
|
Shongololo, Gumede, Qwabe, Khuzwayo, Yeyeye, Mnguni
|
||
Cindi
|
Mahlaba, Mashinini
|
||
Coka
|
Manata
|
||
D
|
25
|
||
Damoyi
|
|||
Davids
|
Ndaba,
Badela, Tshibase, Nonunu, Mntungwa, Manyuza, Nkuluka,
Dziyana.
|
Choboka-nje ngamguma!
Gubela, ntombi zintle
kunye nabayeni bazo!
Nozityana, Nonkosi,
Khand’ iyeza etyeni!
Nonxa-asakhathali! Nojawuzela!
Nto ezinyawo zimhlophe
noxa zinodaka!
|
|
Dhlomo (Dlomo)
|
Mabanga, Mtingi, Bangile, Mthiyane
|
||
Dimba
|
Dukada, Fanisa, Fenya, Nkundlande, Mnguni
|
||
Dindi
|
Mhlongo, Mgabhi,
Njomane
|
||
Dladla
|
Mpembe, Mgabadeli, (Mgabadeni), Gadlela, Dwala |
||
Dlamini
|
Nkosi, Nyanya, Malandela, Ngwane,
Hlubi , Sibalukhulu, Mlangeni
|
||
Dlamlenze
|
Shamase, Nzima
|
||
Dlangalala
|
Galu, Nyamenja
|
||
Dlodlo
|
Mabanga, Mtingi, Bangile, Mthiyane
|
||
Dlomo (Dhlomo)
|
Mkhabela, Dinangwe, Bhelesi
|
||
Dludla
|
Cebisa, Sikhakha
|
||
Dludlu
|
Mtima, Mzomba, Sikhakhane
|
||
Dlungwana
|
Nondaba, Gagashe, Zondi
|
||
Dlungwane
|
|||
Donda
|
Ngonyama, Masinga, Thusini, Manqele,
Mzimela
|
||
Doyisa
|
Khoso, Mazengezi, Mvubu
|
||
Dubazana
|
|||
Dubazane
|
Mwelase
|
||
Dube
|
Nyamazane, Mbuyazi, Lushozi, Mafukuzela, Nzwakele, Bayi
|
Dub’ elimthende!
Maqham’ ehleli njengegwababa!
Buyazi!
Nzwakele!
Khushwayo!
Silwan’ esihle!
Mbuyazi kathekel’
emanxulumeni!
Jama,
owajama
ngomkhonto emaDubeni!
Donda!
Mp’
iyahlehla!
Dub’
elimthende!
|
|
Duma
|
Ntenga, Mthombeni, Lwandle
|
||
Dumakude
|
Mngcobo, Nzimase
|
Mpunz’ edl’ emini
ngob’ ebusuku yesab’ amazolo!
Mfaz’ omabele ’made,
oncelis’ ingan’ iphesheya
komfula!
Mathang’ abushelelez’ angena ngqwayimane!
|
|
Dumisa
|
Gcwensa, Ndimande
|
||
Dunge
|
Chiliza
|
||
Duze
|
Seyama
|
||
F
|
3
|
||
Fakathi
|
Somdibela
|
||
Fakazi
|
Fakude, Fihlela
|
||
Fuze
|
Ngcobo
|
||
G
|
27
|
||
Gabela
|
Lindamkhonto, Mgabhi, Nsele, Mntungwa, Vezi
|
Nsele kaLindamkhonto!
Ngilinde, ngisaland’ ezami!
Shulubez’ elikhulu
elisind’ abazali nababelethi!
Selulamthwalo
usinda amadod’ eZungeni!
Mawombe!
Sizinge!
Thambisa!
Ndindane!
Sakasa!
Mntungwa!
Ngqungqul’ eshay’
amaphik’ eSidindini!
Mabuya zembethe!
Ndindane kaMgabhi!
(OVezi batholakala phesheya koThukela lapho abanye bexhuma
uMthimkhulu).
|
|
Gama
|
Mlangeni, Shabangu, Mbokane, Mdluli, Manyoni
|
||
Gamede
|
Magadlela, Magadlela, Mkholwa, Sebenzekhaya, Mbebe
|
||
Gasa
|
Nyawose, Mzoneli
|
||
Gasela
|
Chiliza, Mdunge
|
||
Gaxa
|
Gubevu, Nokhala, Msutu, Giyana, Maduna,
Diba
|
||
Gazu
|
Sibiya
|
||
Gcaba
|
Thembela, Nombela, Mbuso
|
||
Gcabashe
|
Mnguni, Gumede
|
||
Gcumisa
|
Ngwazi
|
||
Gcwabaza
|
|||
Gcwensa
|
Mzulwini, Ndimande
|
||
Gebashe
|
Ngcaweni, Mnguni
|
||
Gedeza
|
Mnyandu, Nongalaza, Mpangazitha
|
||
Gina
|
Mhlungu, Magadlela
|
||
Gininda
|
Nyembezi, Shamase
|
||
Goba
|
Jangaza, Mbambo, Magoza
|
||
Gobhozi
|
Nyuswa, Ngcobo, Fuze
|
||
Goqo
|
|||
Gule
|
Malambule, Nselenduna
|
||
Guma
|
Siyaya, Mangena
|
||
Gumbi
|
Ndandali, Mlotshwa
|
||
Gumede
|
Qwabe, Sotole, Phakathwayo
|
Mnguni
kaYeyeye!
Khondlo! OSidlabehlezi bakaPhakathwayo abathi bedla
bebebeyeng’
umuntu ngendaba!
Bethi: "Dluyeya ngenhlana, umalokazana ubeyethe kayikhuni; sidingida yoyodaba!”
kanti bahlinz’ imbuzi!
Malandela
ngokulandel’
izinkomo zamadoda!
|
|
Gwacela
|
Mbili, Mhlanga
|
||
Gwagwa
|
Mlambo, Qunga
|
||
Gwala
|
Mphephethwa, Nkondlwane
|
||
Gwamanda
|
Yenga, Sochumase
|
||
H
|
10
|
||
Hadebe
|
Bhungane, Hlubi Mthimkhulu, Makhulukhulu
|
UNdlubu zamil’ ebubini
ngoba zesab’ ukwehlela!
Ingab’ emhlabeni zesabani?
Mafuz’ afulele njengefu
lemvula!
Mashwabada,
owashwabadel’ inkomo
kanye nezimpondozayo!
Gob’ izembe;
Ndleb’ enhle zombili!
Zulu! Bhungane!
NoNkulunkulu mkhulu,
kodwa akangangoBhungane!
Iziyengan’ eziyeng’ umuntu zimyenga
ngendaba.
Abanzipho zimnyama
ngokuqhwandana.
Makhulukhulu! Mehlomakhulu!
Nin’ enalala nomunwe endunu
navuka nakhwif’ ilanga.
Sigoloz’ esimehl’ abomvu.
Mashiy’ amahle.
Nina bakaLangalibalele.
Bhungane wamakhulukhulu.
Nina basemaHlutshini!
Ngelengele!
|
|
Hlabisa
|
Ngotsha, Mdinwa, Songiya, Somfula
|
||
Hlatshwayo
|
Mhayise, Ngele, Makholela, Siyendane
|
Akuvalwa ngezivalo,
kuvalwa ngamakhand’ amadoda!
Cebis’ omuhle,
ngokucebis’ amakhosi!
Ngwan’ elihle nezinyawo zalo
zokunyathela!
Mgogdlan’ owavel’ eziphunzini!
|
|
Hlela
|
Madlula, Hangala, Kunene
|
||
Hlengwa
|
Mashasha
|
||
Hlomuka
|
Ngidi
|
||
Hlongwa
|
Gabhisa, Mtumaseli, Lange, Khawula, Gence
|
||
Hlongwane
|
Sangweni, Ngwane
|
||
Hlophe
|
Samela, Thumbeza
|
||
Hlubi
|
Nkosi, Ludonga, Mavuso
|
||
J
|
6
|
||
Jali
|
Sijongo, Phumela, Ngcolosi
|
||
Jama
|
Dlamini, Mzizi, Sijadu
|
||
Jamile
|
Nsele, Nkamzwayo,
Mehloluhlaza.
|
||
Jele
|
Nonyanda, Luvuno, Mgabadeli,
Gasa
|
||
Jili
|
Vilakazi
|
||
Jiyane
|
Mbopha, Mkhathini, Magolwana,
Mahlinza
|
||
K
|
23
|
||
Khaba
|
Ngobese, Mqungebe
|
||
Khambule
|
Mzilankatha, Mlotshwa
|
Msuth’ owaqond’ ilanga!
|
|
Khanyeza
|
Ngwane
|
||
Khanyile
|
Ngwane
|
||
Khathi
|
Nandisa, Mbende, Sotobe, Phakathwayo,
Sibiya
|
||
Khathide
|
|||
Khawula
|
Hlongwa, Gebhezi, Ntombela, Ntanzi
|
||
Kheswa
|
|||
Khobeni
|
Mphemba
|
Onanana boselesele,
abaphumel' eshashalazini,
bahlangabezana nomoya nezulu; Kwabhekwana!
|
|
Khomo
|
Sibiya,
Zamisa
|
||
Khoza
|
Mlotshwa, Msuthu, Mkhathini, Ntshingwayo Ndlandla
|
||
Khubisa
|
Nkomo, Ncube
|
||
Khuboni
|
Maseko,
Simelane
|
||
Khulu
|
Mbulaze,
Mntungwa
|
||
Khuluse
|
Hlongwa, Gabhezi, Mdindela
|
||
Khumalo
|
Mntungwa, Mbulazi, Donda, Mzilikazi
|
Mzilikazi kaMashobana!
Wen’ owal’ ukudl’ umlenze
kwaBulawayo!
Donda!
Wen’ oth’ udl’ umunt’
ub’ umyenga ngendaba!
Bheje!
Owabhej’ eNgome kwabonakala.
Mabaso!
Owabas’ entabeni,
Kwadliw’ ilanga lishona!
Wena kaMawela,
Owawel’ iZambezi ngezikhali!
Wena kaNkomo-zavul’ inqaba,
Zavul’ inqaba ngezimpondo
kwelaseNgome!
Kekela kaNgobe ongenalulak’
emntwini;
ulaka lwakhe ukuncintshana!
Sonan’ esingoni lutho;
Okwemihlambi yezinyamazane
eyahamba yalal’ emfuleni!
Lulwandle kaluwelwa,
Luwelwa zinkonjane zona
ziphapha phezulu!
MaNtungw’ ancwaba;
zindlov’ ezibantu!
Zindlov’ ezimacocombela!
Nin’ enehla ngesilulu;
MaNtungw’ aluhlaza!
Maqhaw’ amakhulu,
ehlul’ abeSuthu
NoShak’ engazang’ abehlule!
MaNtungw’ adl’ izimf’
ezimbili;
Ikhambi laphuma lilinye!
Nin’
enal’ ukudl’ umlenze kwaBulawayo!
Nin’ enahlubuk’ eNdlunkulu
kaZulu; nenyuka nezwe!
Mbulazi!
|
|
Khumbuza
|
Cele, Ndosi
|
||
Khuzwayo
|
Gumede!
Qwabe! Mnguni kaYeyeye Khondlo! |
OSidlabehlezi bakaPhakathwayo
Abathi bedla, bebebeyenga umuntu ngendaba! Bethi „Dluyeya ngenhlana, umalokazana ubeyethe, kayikhuni sidingida yoyodaba!“ kanti bahlinza imbuzi! Malandela,
ngokulandel’ izinkomo
zamadoda!
|
|
Khwane
|
Dlakela,
Gugushe
|
||
Khwela
|
Ndulini
|
||
Kubheka
|
Khathide, , Magonondo Masobotha
|
Masobotha
Owasobothel’ udlubu nokhasi!
|
|
Kunene
|
Mtimande
|
Bambo
lunye,
zingaba
mbil’ ufuz’ ekhabonina!
|
|
Kweyama
|
Vezi, Dladla
|
||
L
|
11
|
||
Lamula
|
Zinyane, Mthembu, Mthonti
|
||
Langa
|
Ndwande, Somaphunga, Zwide,
Sothole, Mdlaka, Mlindi, Mcwayi,
Sodumase, Sonomo
|
Madevu
( Agqabul’ inkomishi !),
Madelis’
sdumbu adl’umlenze,
Wena woPhokophal’ olusha;
Oludala yisilungulela!
|
|
Lembede
|
Ndima
|
||
Linda
|
Cebekhulu
|
||
Lubisi
|
|||
Lukhele
|
Mdluli, Nzimande
|
||
Lukhozi
|
|||
Lushozi
|
Gcwensa,Ndimande,Mzulwini, Bhebhula
|
||
Luswazi
|
|||
Luthuli
|
Madlanduna, Mshibe, Dlangamandla
|
||
Luvuno
|
Malembe, Madlamalala
|
||
M
|
186
|
||
Mabanga
|
Dlodlo, Langa, Mpangazitha
|
||
Mabaso
|
Mntungwa
|
||
Mabhena
|
Musi, Mhlanga, Ncagu
|
||
Mabizela
|
Mshengu, Shabalala, Ndimande
|
||
Mabika
|
Dinane, Dinabantu
|
||
Mabusela
|
|||
Mabuya
|
Msibi, Ndlondlo, Ngwenya, Mntimande
|
||
Mabuyakhulu
|
Ndiyema, Mdotshana
|
||
Mabuza
|
Ludonga
|
||
Machi
|
Goba, Lawu,Lisela, Mbonwa.
|
Mbusi kaJolwayo
|
|
Macu
|
|||
Made
|
Zimbu, Ngwane, Zimase, Mkhandlela
|
||
Madela
|
Longode, (Lingode), Ndaba, Hhoyiyane
|
Jange kaHoyiyane,
Gqigqqi, wena kaNzamela
|
|
Madi
|
Ngalonde,
Ngwane
|
||
Madide
|
Phikela, Mawanda, Sompisi
|
||
Madlala
|
Sishi, Mpumuza, Bhengu, Khabalidaka,
Nodlomo
|
||
Madondo
|
Mnguni, Mnquhe
|
||
Madonsela
|
Mntimande
|
||
Maduma
|
Mthiyane
|
||
Maduna
|
Mdlalose, Nyanda
|
||
Madziba
|
Ndelu,
Bhulose, Shinga
|
||
Mafulela
|
Mafobo, Ndondakusuka
|
||
Magagula
|
Mthombeni
|
||
Magubane
|
Dibanto, Nkomose, Thole, Nkomose, Sothole, Ndlandla
|
||
Magutshwa
|
Simelane
|
||
Magwaza
|
Yengwayo, Njinji, Manqondo, Mabhul’ubhense,
Jubakhothama,
Mgabhi kaNshona
|
Gwal’ elihle,
okwath’ abanye bebaleka
nezinkomo, labaleka nabafazi!
|
|
Mahaye
|
Nodanga, Ntombela, Ntanzi
|
||
Mahlaba
|
Mbunjwa, Nsukuza, Shengele, Cindi
|
||
Mahlalela
|
Maziya, Mcanco
|
||
Mahlangu
|
Nyongwana, Mabhoko, Mbili, Phetha
|
||
Mahlinza
|
Jiyane, Zosongo, Mkhathini
|
||
Mahlobo
|
Sokhela, Nzuza
|
||
Majola
|
Phakade, Mchunu, Ngqulunga
|
||
Majozi
|
Mnqamu, Gwanyana, Mbhulangwe
|
||
Makhanya
|
Mnguni, Yeyeye, Mpangazitha, Gumede, Khuzwayo, Phakathwayo,
Duze, Qwabe, Nsongomnyama
|
OMnguni kaYeyeye!
OSodlabehlezi bakaKhondlo!
OPhakathwayo,
abathi bedl’ umuntu
bebe bemnyenga ngendaba!
OYeyeye
abathi `Dlula, kubeyethwe´,
kanti bahlinz’ imbuzi!
Bath’ `umlobokaz’ ubeyethe kay’khuni;
sidingida lolo daba!´
Phakathwayo!
Wena kaMalandela
ngokulandel' izinkomo
zamadoda!
Amazala-nkosi lana!
OMpangazitha!
|
|
Makhathini
|
Mncwabe
|
||
Makhaye
|
Shombela, Mdeke, Nyawokhulu
|
||
Makhaza
|
Luvuno, Sokhela
|
||
Makhoba
|
Hamashe, Mancini, Sengwayo,
Ncwane
|
||
Makhunga
|
Phethela
|
||
Malevu
|
Vezi, Kunene, Ziqunde
|
||
Malinga
|
Mlotshwa, Vunisa, Zindela
|
||
Maluleka
|
Thomoyi
|
||
Malunga
|
Ndlovu
|
||
Mamba
|
Nkosi
|
||
Manana
|
Ncusi, Mbuyise, Nkabinde, Ndimande
|
||
Manqele
|
Manqele kaS’khethankomo, Duyaza
|
||
Manyathi
|
Zindela ,Mgwaba, Ciyane. Mbhense, Donda
|
||
Manyoni
|
Mlotshwa
|
||
Manzi
|
Nonkululeko, Qomazitha, Nyokayebululu, Njinji
|
||
Manzini
|
Zungu
|
||
Maphalala
|
Khoza, Mtimande, Mavuso, Msuthu
|
AbeSuthu
baseNkalanjana!
Abamaziny’
ansansa!
AbaseMbathamkhonto
njengobhedu!
Abehla
ngesilulu!
Abathi:
“Zibukuzana
zani lezi na?”
Kanti
`zinqama.
AbakwaKhoza,
KwaMehlwana,
KwaMlotha,
KwaNungwana!
AbeSuthu
baseMawusweni!
|
|
Maphanga
|
Gumede, Ginindza
|
||
Maphisa
|
Mlambo, Sishange, Mabhedla
|
||
Maphumulo
|
Mashimane, Doncabe, Zikode, Cwalile
|
||
Masango
|
Ntusi, Mdluli
|
||
Maseko
|
Ngcamane, Khuboni
|
||
Mashaba
|
Ngungunyana, Phoseka
|
||
Mashinini
|
Guliwe, Bembe, Cindi
|
||
Mashiyane
|
Sondaba, Skhabe, Sontshibe
|
Sondaba
omuhle,
wena
waseMthandeni.
Skhabe!
Wen’
owakhab’ inkosi ngonyawo, akwaba `ndabazalutho!
Yavuka,
kwaxolisa yona, yathi: “Phepha Sondaba!”
|
|
Masina
|
Mathebula, Mkholo
|
||
Masinga
|
Shobane, Njomane, Mangethe
|
||
Masilela
|
Mntambo, Mlondo
|
||
Masondo
|
Nyambose, Dingiswayo Mpanza, Mthethwa
|
||
Masuku
|
Ndwandwe, Zisongo, Nhlane
|
||
Mathaba
|
Mcambi, Mbuyazi
|
||
Mathe
|
Ncanana, Thenjwayo, Mzilankatha
|
||
Mathebula
|
Masina, Mkholo, Mthombeni
|
||
Mathenjwa
|
Mgabadeli, Ndabezitha
|
||
Mathibela
|
Msuthu
|
||
Mathonsi
|
Shekimbuya
|
||
Mathunjwa
|
Mvubu
|
||
Mavimbela
|
|||
Mavundla
|
Bhembe, Mwelase, Mngwemkhulu, Thabekhulu
|
||
Mavuso
|
Ludonga, Mshengu, Shabalala
|
||
Maxase
|
|||
Mayise
|
Phakathi, Nkomoye, Nsele
|
||
Mayisela
|
Mhayise, Jibela,
Mbonane
|
||
Mazibuko
|
Khondlo, Mwelase
|
||
Mbambo
|
Goba, Magoza, Mdunge, Theneza
|
||
Mbanjwa
|
Sokhela, Samu, Magujwa, Dindela
|
||
Mbatha
|
Shandu
|
Shandu kangakanani;
nasentendeni yesandl’ uyenela!
|
|
Mbeje
|
Mbatha, Shandu
|
||
Mbhele
|
Mphemba, Sompisi Ndlela
|
||
Mbhense
|
Nsibande
|
||
Mbokane
|
Gama, Mdluli, Maphalala, Manyoni
|
Titfo
timbhobho, timgcilibele!
Mbuya
lendze kaMyabane!
Mphephethwa!
Manyoni!
Ludvonga
laMavuso!
Samkete
singambova malangeni!
Wena
weluhlanga lwakaNgwane!
Wen'
umhle kakhulu!
Wena
lowacedza Lubombo ngekuhlehletela!
Niphophele
lokumnandzi emnfuntini!
Sidlukula
dledle sakaLobamba,
hambe
basidlukulisa bafati nemadvodza!
Awucedvwa,
Mlangeni,
Mswati
kaSobhuza kaSomhlolo!
Nina
beNgwane!
Wena
weKunene!
|
|
Mbokazi
|
Donda,
Nxele,
Sontuli, Hlamukazi |
Lwandle aluwelwa,
luwelwa
zinkonjane
zona
ziphapha phezul’ emafini!
Phangela kobhongo, koqhoqhoqho! Mlamlankunzi
`ngab’
uziyekile, zabulalana!
Hlamukazi kaMdaka; Umdaka usezintangeni! Wen’ owasePhulamuth’-uphekiwe endlini kaMantombase; abakaPhangela, abaphangel’ izinkomo zamadoda,
lath’
ilanga liphuma,
labe
liphuma nezinkanzi zamadoda!
|
|
Mbonambi
|
Mbuyazi, Mabhodla
|
||
Mbongwa
|
Mbuyisa, Makhubo
|
||
Mbongwe
|
Sondisa, Maphanga
|
||
Mbuli
|
Makhunga, Lindisa, Mlawula
|
||
Mbuthu
|
|||
Mbuthuma
|
Dwebelimdaka, Nokaka, Msuthu wakwaMshweshwe, Ntamonde, Helushe
|
||
Mbuyisa
|
Gqagqazela ,Mlotshwa, Mbuyazi, Mbonambi, Dube
|
||
Mchunu
|
Macingwane
|
||
Mcoyi
|
Gumede
|
||
Mdaka
|
Nhlabathi, Mdomula, Magezana
|
||
Mdakane
|
Mlangatshe
|
||
Mdladla
|
Thumbela, Mwelase
|
||
Mdlalose
|
Nyanda, Dikane, Khwenta
|
Nyanda
we’phahla!
|
|
Mdletshe
|
Nomane, Msindazwe
|
||
Mdluli
|
Lukhele Nyoka, Sikhangisa, Nzimande,
Sikwayo
|
||
Mdunge
|
Chiliza, Mwelase, Mbambo, Makhathini
|
||
Memela
|
Gambu, Msuthu, Nontuli
|
||
Meyiwa
|
Msomi, Gasa
|
||
Mfaba
|
|||
Mfeka
|
Mguni, Mzimela
|
||
Mfusi
|
Thiyane
|
||
Mgabhi
|
|||
Mgenge
|
Maphahla
|
||
Mgobhozi
|
Mahlobo, Mnguni,
Yeyeye
|
||
Mhlaba
|
Zwane
|
||
Mhlanga
|
Gwacela, Mbili
|
||
Mhlongo
|
Njomane, Langeni, Mgabhi, Makhedama,
Khuyameni
|
Makhedama!
Soyengwase! Nina bakaBhebhe kaMthendeka! Nina bakaSoqubel’
onjengegundwane!
Nina baseSiweni, kwaMpuku yakwaMselemusi, kwaNogwence webaya! Zingwazi zempi yakwaNdunu! Njoman 'eyaduk' iminyakanyaka, yatholakal 'onyakeni wesine; yabuye yatholakala ngowesikhombisa! Langen’ owavel'elangeni! |
|
Mhlophe
|
Dladla, Gadlela
|
||
Mhlungu
|
Mthiya, Mwelase, Ngwane
|
||
Miya
|
Mcwaningi, Msilak’phepha, Gcwanini, Mzizi
|
||
Mjadu
|
Sonqandile, Mshikila, Ndlela
|
||
Mkhabela
|
Dlomo
|
||
Mkhaliphi
|
Mphephethwa, Vilakazi, Jili, Binda
|
||
Mkhatshwa
|
Nxumalo, Ndwandwe
|
||
Mkhize
|
Gubhela, Khabazela kaMavovo, Gwaba kaziHlandla, Gcwabe
|
uGwaba kaNozihlandla,
okhanyamas’ esiswini
|
|
Mkhonza
|
|||
Mkhulisi
|
Mwelase, Mthembu
|
||
Mkhungo
|
Ndosi
|
||
Mkhwanazi
|
Nkwaliyenkosi, Nkwali, Ndonga, Shamase
|
||
Mlaba
|
Ximba, Mabhoyi
|
||
Mlambo
|
Mdineka, Sishange, Gubhuza, Ndlanzi
|
||
Mlangeni
|
Magasela, Sishiya, Madondo, Mdephane, Linda
|
||
Mlondo
|
Mgenge,
Nongalo, Nodungandaba,
|
Sakh’
umuzi ngomkhonto.
Nogwaj’
ozikhundlakhundla;
esinye
esokulala
esinye
esokwethamela!
|
|
Mlotshwa
|
Makhombothi
Khambule, Mlotshwa, Mzilankatha, Shezi
|
||
Mncube
|
|||
Mncwabe
|
Mpangazitha, Phakathi, Sishangwe, Mjoji, Makhathini
|
||
Mngadi
|
Madlakovu, Ngema,
|
||
Mngoma
|
Khongisa, Bozini, Cenge.
|
Ntamonde,
ingaba
mfisha, yeza nonina! Ukholokholo,
isibongo
esingabongwa
ngabaLandakazane!
Amalal’
alal’ efak’ umunw’ endunu, avuk’ aw’ncind’ akhomb’ izulu, kwafiphal’ ilanga!
(uMculi
wodumo uKhabi Mngoma babemhasha bethi „Khala lembube“ kwazise phela
wayenekhala elaligqamile, libonakala! J)
|
|
Mngomezulu
|
Dlakadla
|
||
Mnguni
|
Mzimela, Khonjwayo, Donda, Mfeka
|
||
Mngwengwe
|
Zitha, Mhlambo
|
„AmaHlamb’ amhlophe
ngokuhlambuluka!
|
|
Mnisi
|
Mvulani, Nkophe
|
||
Mnomiya
|
Gininda, Shezi
|
||
Mntambo
|
Nhlangothi, Mlondo, Vezi, Masilela, Jiyane
|
||
Mnqayi
|
Mashiya, Linda, Nsele
|
||
Mnyandu
|
|||
Motha
|
Mvulane
|
||
Mpanza
|
Thabekhulu, Sandanezwe, Thabekhulu, Mavundla, Siwele, Donda
|
||
Mpofana
|
Ntombela
|
||
Mpungose
|
Khuba, Gawozi, Phahla
|
||
Mqadi
|
Mbuyisa
|
||
Msane/Msani
|
Vangisa, Mvuna, Majoka
|
||
Mseleku
|
Duma, Lwandle, Mthombeni
|
||
Msezane
|
|||
Msibi
|
Ndlondlo, Guliwe
|
||
Msimango
|
Thabizolo, Nonkosi
|
||
Msomi
|
Nyawose, Phingoshe, Gasa, Nomndayi
|
||
Msweli
|
|||
Mthabela
|
Chibi, Mlotshwa
|
||
Mthalane
|
Weza
|
||
Mthanti
|
Mnyaka, Mthiyane, Ntsele
|
||
Mthembu
|
Mvelase, Qhudeni
|
Mvelase,
owavel’eNyandeni!
Ongawadl’
amathibani;
angadl’
amathibane,
indlala
ngabe iwile!
ONgoz’
abavel’ eNyandeni!
Nina baseMlamlankunzi!
|
|
Mthethwa
|
Nyambose, Dingiswayo
Masondo
Mpanza
Mbambo
Msweli
|
Nyambose kaDingiswayo!
Hlanga lomhlabathi!
Nkonyane lenkosi!
Wena wasezansi, eMbelebeleni!
Godongwane!
Maf’ avuke njengedangabane!
Ludonga dilika, and’ ub’ aphuz’ emcocozweni!
Mageza ngobis’ amanz’ ekhona!
Nina baseMchachazweni!
Nina enakh’ emifulen’ emibili, iNseleni neMfoloz’ emhlophe!
Nina eniphuza phezul’ emfuleni, nichame ngenzansi,
ziphuze izizwana!
Nina basoYengweni, Manjankosi! Masondo!
Msweli kaMasondo
Nina baseBalungwini! Wena kaJobe kaKhujabi!
Mavela!
|
|
Mthimkhulu
|
Bhungane, Hadebe,
Makhulukhulu, Hlubi
|
||
Mthiya
|
Zubane, Mbatha
|
||
Mthiyane
|
Zondo, Sokhulu, Luvuno, Zondo, Mazwi
|
||
Mthombeni
|
Duma, Lwandle, Magagula
|
||
Mthonti
|
Lamula, Ndlobane, Zinyane, Bantwini, Mpangazitha, Zucu, Jiyane
|
Nina bakwaSokhela ngempepho
abafokazane bokhela ngezikhuni!
Nina bakaMwelas’ ongaweli
ngazibuko; abawela ngezimpambosi zomfula;
omaLamulankuzi zimbili
zibulalana!
Nina bakaSiwela,
bakwaSilokazi, bakwaZisongo, Songo-Linda!
Nina bakwaMagalel’ agase
njengeshongololo,
bakwaVezi kaLanga,
enesul’ udaka ngoluny’ udaka!
Nina bakwaMdak’ ongomi,
bakwaSigawulamthunz’ owawuhlez’ abafokazana!
Nina bakwaCombela
kweyizolo!
|
|
Mtimande
|
|||
Mtolo
|
Dlangamandla
|
||
Mtshali
|
Hlabangane, Mantshinga, Gebisa
|
UMagalel’
agas’ onjengengonyama! UMantshing’ ozilwan’ ezibili;
ingwe nengonyama!
|
|
Muthwa
|
|||
Mvelase
|
Qhudeni
|
||
Mwandla
|
Nqumela, Magange
|
||
Mwelase
|
|||
Mzimela
|
Mnguni
|
||
Myeni
|
Mdolomba, Mzukase, Mnguni, Mzimela, Mziyankatha
|
||
Myeza
|
Ndengezi, Msokazi, Mzukwuse, Dimbane, Mpangele
|
||
Mzila
|
Mawewe, Nyambane
|
||
Mzimela
|
Mnguni, Dimbani
|
||
Mzobe
|
Ngcolwane, Lamula, Phohla, Walawala
|
Fundisa abant’ uk’hleka!
|
|
Mzolo
|
Dlangamandla, Gasa, Mbungela
|
||
Mzoneli
|
Msomi, Gasa, Meyiwa, Nomndayi, Singila,
|
Wen’ owehla ngomzungulu!
|
|
N
|
74
|
||
Nala
|
Gwija, Mhlophe
|
||
Ncanana
|
Mathe, Thenjwayo,
Mzilankatha
|
||
Ncongwane/
Ngcongwana
|
Nkwakha
|
||
Ncube
|
Mzilankatha
|
||
Ncwane
|
Gwamanda,
Cebekhulu, Dlamdaka, Linda, Nomvuma
|
||
Ndaba
|
Manqele, Sibhene, Madela, Mhlungu, Mthiyane, Lingode, Maphikela
|
||
Ndabandaba
|
Mahamba, Sidlodlo,
Mphephethwa
|
||
Ndawo
|
Yamela, Khoza,
Khobeni, Mphahlwa
|
||
Ndawonde
|
Zitha
|
||
Ndebele
|
Mazankosi
|
||
Ndima
|
Lembede
|
||
Ndimande
|
Gcwensa, Bayeni, Mabizela
|
||
Ndlangamandla
|
Mphazima
|
||
Ndlanzi |
Hadebe, Bhungane, Mthimkhulu
|
||
Ndlela
|
Caluza, Sobayeni, (Bayeni),
Sompisi
|
||
Ndlovu
|
Gatsheni
|
UGatshen’ oBoyabenyathi,
obusonga busombuluka!
Mpongo kaZingelwayo!
Nina bakwaNdlovu-zidl'-ekhaya, ngokweswel'-abelusi! Nina bakwaKhumbul’-amagwala! Nina bakwaDemazane-Ntombazana! Nina bakwaS’hlangu-sihle. Mthiyane! Ngokuthiy' amadod' emazibukweni! Nina bakwaMdubusi! |
|
Nduli
|
Khwela
|
||
Ndulini
|
Khwela, Sithombo
|
||
Ndwandwe
|
Zwide kaLanga, Somaphunga, Mkhatshwa, Nxumalo
|
||
Nene
|
Sthenjwa, Madlokovu, Ngema
|
||
Ngcobo
|
Fuze,
Mavela, Mapholoba, Nyuswa
|
UFuz’ oMashiy’ amahle
sengani uzoshumayela!
|
|
Ngcongo
|
Mkhonto, Phambuka, Dinisa
|
||
Ngcongwana/
Ncongwane
|
Nkwakha
|
||
Ngema
|
Madlokovu, Mngadi
|
||
Ngidi
|
Hlomuka
|
||
Ngobese
|
Mqungebe, Donda, Mthinti
|
||
Ngubane
|
Mbomvu
|
||
Ngubeni
|
Nkomo, Mntungwa
|
||
Ngwane
|
|||
Ngwenya
|
Mntimande, Mabuya
|
||
Nhlabathi
|
|||
Nhlapho
|
Sigegede, Luvuno, Mwelase
|
||
Nhleko
|
Mgilija, Mncwango
|
||
Nhlengethwa
|
Msuthu
|
||
Njiyela
|
|||
Njoko
|
Nqamane, Nsele, Lindamkhonto, Phangisa
|
Wena
kaSibhadubhadu semvula
Wena
kaSithol’ esayosiswa
sabuya
nomdudukazana!
Nina
enadl’ izimfe zimbili
Zaphum’
ikhambi selilinye!
UBhoq’
odliwa kuyindlala;
udliwa
zinjinga!
Nina
bakwaNoyile,
nina
bakaBhe noMagutshwa!
Maleb’
adonsw’ agcwal’ izitsha
Msun’
oyisinqopholo!
Nina bakwaManokosha
Nina
bakaBuqil’ obuphambana noShaka!
|
|
Nkabinde
|
Mchusi, Mphondle, Mafuya
|
||
Nkala
|
Mlotshwa
|
||
Nkomo
|
Vezi
|
||
Nkosi
|
Ndlangamandla, Mphazima, Dlamini, Hlubi
|
Ndlangamandla!
Mtungwa! Mawandla kaNdlela Nina baseMandlovini Mlotshwa! Siwela, Mphazima kaLanga! Nina bakwaLanga libomvu; elashis'amabel'ezikhuthali! Mabuya sezembethe'ugogwane! Mlotshw’ akangakanani, ngoba nasentendeni yesandl' uyahlala! Owaphath' induku' emnyama, washay'amanzi, kwavel' udaka! Nkonjane yenkosi! Mpangazitha! |
|
Nkwanyana
|
Zikode
|
||
Nsele
|
Linda, Hadebe
|
||
Nsibande
|
Goje, Mdlanyoka
|
||
Nsibanyoni
|
Malambule
|
||
Nsutsha
|
|||
Ntanzi
|
Khawula, Gebhezi, Mahlobo, Ntombela, Zulu
|
||
Ntombela
|
Mahlobo, Dlukula Dledle, Mpangazitha, Zulu, Lukhwazi
|
Malandela
wen’ owalandel’ izinkomo zamadoda,
wena ongahlobi
ngento yomunye;
ohloba ngento yakhe!
|
|
Ntshalintshali
|
Phathwayo, uKhanuka, Ndwandwe
|
||
Ntshangase
|
Mgazi, Biyela, Menziwa Ndabezitha
|
||
Ntshingila
|
Dlabane
|
||
Ntshiza
|
Mtolo, Dlangamandla
|
||
Ntuli
|
Mphemba, Mbhele
Sompisi
|
||
Nxamalala
|
Zuma
|
||
Nxasana
|
Nonduma, Bele, Sikhonza
|
||
Nxele
|
Sweli, Semi, Msweli
|
||
Nxumalo
|
Zwide kaLanga, Ndwandwe, Mkhatshwa, Somaphunga, Mlaba,
|
||
Nxuswa
|
|||
Nyanda
|
|||
Nyandeni
|
Gasela, Khukhuza, Mashobana
|
||
Nyandu
|
|||
Nyathikazi
|
|||
Nyawo
|
Dumakude, Mlaba
|
||
Nyembe
|
Thwala, Siwela
|
||
Nyembezi
|
Nkwaliyenkosi, Shamase, Mkhwanazi,
Ndonga
|
||
Nyide
|
Ndabase, Mahulube
|
||
Nyoka
|
Mceze, Mdluli
|
||
Nyongwana
|
Nyuswa
|
||
Nyoni
|
-Mbebe,
Gwalagwala, Nyoniyamakhosi
|
||
Nyuswa
|
Ngcobo, Fuze, Mapholoba
|
||
Nzama
|
Chamane, Gcugcwa Hhosiyana (Wosiyane), Zukula,
|
||
Nzima
|
Phakathi
|
||
Nzimande
|
Mphephethwa, Mdluli, Mdlobhiya, Mangcamane
|
||
Nzimase
|
Sishi
|
||
Nzuza
|
Mshazi, Mahlobo
|
||
P
|
4
|
||
Phakathi
|
Mnguni, Mjaji , Mpangazitha, Mncwango, Sigagu, Juqula,
|
||
Phewa
|
Mvelase
|
||
Phoswa
|
Nyoni, Gengeshe
|
||
Phungula
|
Mdlovu
|
||
Q
|
2
|
||
Qhele
|
|||
Qwabe
|
Gumede, Sotobe
|
||
S
|
32
|
||
Sabelo/
Sabela
|
Gwamanda, Mdlumbi, Maphindela, Vezi
|
||
Sangweni
|
Ngwane, Matiwane, Mwelase, Hlongwane, Zikhali
|
||
Seme
|
Mbuyazi, Msweli
|
||
Shabalala
|
Mshengu
|
Donga likaMavuso!
|
|
Shabane
|
Mboyisa,
Mlinga
|
||
Shabangu
|
Gama, Dlangamandla
|
||
Shandu
|
Mbatha, Mthiya
|
||
Shangase
|
Shuku, Ndaleka, Mkheshane, Tomane, Nogunjwa, Vemezitha
|
Nina bophondo lwenyanga
yakoMthiyane
olwamis’ uShangase.
Nina bakoSibindi simnyama
ngoba simnyama sonkana.
ONkom’ isengelw’ emeveni.
Nin’ enaph’ umunt’ isengwa;
eninik’ umunt’ engathi
niyadilika!
|
|
Shange
|
Dumakude
|
||
Shazi
|
Zindela,
Cebekhulu
|
||
Shelembe
|
Maphalala, Mzamela
|
||
Shembe
|
Nhlanzi, Mntungwa, Mathabizolo, Donsa, Sokhanyiso, Gwaqagwaqa, Mzazela,
Sokhubuzela, Nyathikazi
|
Mzazela kaNyathikazi!
Mbulabi kaNhliziyo
zimashum’shumi! Mashiy’ amahle
njengoboya benkonyane!
Mbulabi, wen’ omuhle
njengento yokwetshelekwa!
Ndonsa kaSokhabuzela!
|
|
Shezi
|
Dlaba, Sgananda
|
||
Shinga
|
Ndelu,
Bhulose, Madziba
|
||
Shoba
|
Mpikela, Mathumba, Nkonkoni
|
||
Shongwe
|
Mtimande, Bhambolunye, Mcusi
|
||
Shozi
|
Mbasha,Gidela,Mtumaseli,
Mtungwa, Hlongwa
|
||
Sibaya
|
Thango, Gotsholo
|
||
Sibeko
|
Maziya, Mkhabela, Gembe
|
||
Sibisi
|
Mahlase, Bhovungana,
Gamede
|
||
Sibiya
|
Sotobe, Qwabe, Gumede, Ndaba, Gazu, Mgxebe
|
Sibiya ngenkomo,
abafokazana bebiya
ngamahlahla! Ndaba komkhulu!
Ndaba, Gumede
Nina bakwankom' isengelwa emaweni, Ingasengelw' esibayeni;
akuyon' eyakhona.
Gumede kaNdaba, Mkhananda owafinyelela kubalondolozi, Wemuka noGodokazi way' eMfolozi. UHhiya kwabanani, Okwaphekw’ esendlini Kwaze kwephulw’ esendlini Engazange afe `kufudumala Mgxebe! Khathi! Nina bakaSotobe kaMpangalala |
|
Sikhakhane
|
Mboma,
Mqhele, Mathula, Nzimase, Mqhele
|
Mboma kaMqhele,
Sdwab’ esinembobo!
Wena sang’ elingezansi,
lapho besa khon’ imilomo!
Wen’
owangena
nesikhun’
emanzini sivutha,
waphuma
naso sivutha!
Wena
kaMboma
os'hlahla
samil’ edwaleni!
Wena
kaSoqhafuza,
umlung'
odl’ izinkobe!
Wena
nyok’ eyacac’ emthini, ingenazinyawo!
Nkom’
esengelw’ emeveni,
ngoba
way’sengel’ ethungen’, iyal’khahlela!
Wen’
okhishwa ngenon’ emgodini!
Wen’
ophath’ amakhos’
um’ esedukuzela!
Wen’
owahlabana ngokwehlul’ izinyanga nezanusi;
wasuka
lapho waxoshiswa ngokaSenzangakhona
ngezinkomo
zekhethelo!
Wakhushulwa,
awabanankosi,
ngoba
inkosi yakho kunguNodumehlezi kaMenzi!
Mboma!
Wena
waseNkandla!
|
|
Sikhosana
|
Ncama, Msamkhulu, Somboni
|
||
Simamane
|
Phakathwayo, Mpangazitha, Mnguni kaYeyeye, Gumede, Qwabe
|
Simamane sengwe nengonyama!
Mceb’ ethule,
Wen’ oth’ udl’ umunt’ ub’
ubumyenga ngendaba!
Dluya, kubeyethwe!
|
|
Simelane
|
Magutshwa
Mpembe, Ntengwane
|
Mpembe
kaLokothwayo;
ondletshana
zimqhewana, ezaqhewulwa amagundane,
ukuba
zazingemqhewu
ngabe
zifuze ekhakhonina;
Shingi njengesihlabathi;
Gqamu njengelanga;
Ntengwane kaLuthuli;
Ndlovu zidl’ ekhaya
Ngokweswel’ abelusi;
Mdlambiba!
|
|
Sithole
|
Jobe, Mondise, Matshana
|
||
Siwela
|
Thwala, Nyembe
|
||
Siyaya
|
Guma, Mangena
|
||
Sokhulu
|
Mthiyane
|
||
Sokhela
|
Nzuza, Mahlobo
|
||
Sosibo
|
Thabethe, Gema, Ncobeni,
Mshingila, Jembeqwa, Bhayiya, Nyumbane, Nkosinathi. Mangekhwatha!
|
||
T
|
12
|
||
Tembe
|
Mthonga
|
||
Thabede/
Thabethe
|
Mangethe, Gema, Sosibo
|
||
Thango
|
Sibaya, Jiyane
|
||
Thanjekwayo
|
|||
Thela
|
Mhlabandlovu, Mtimande
|
||
Thembekwayo
|
Dlamane, Masina
|
||
Thembela
|
Gcaba, Shingila
|
||
Thenjwayo
|
Nsibande, Gabadela
|
||
Thomo
|
Ndabezitha, Khambule, Makhubo
|
Masond’ amhloph’
aney' nyawo zawo!
Wen’ owadl’ udadewenu,
uthi `kananyongo, `kanamhlehlo!
S’gung’ owathumel’
uKhuboni kaNdlovu
wath’ akabuye
nengubo yob’nono!
Thomo!
|
|
Thusi
|
Sishange.
Dlebe, Nkomo, Mlotshwa
|
Ndlebezenkomo (?)
|
|
Thusini
|
Donda, Manqele, Mnguni, Mlaba
|
||
Thwala
|
Mnyamande, Nyembe, Motha, Siwela
|
||
V
|
5
|
||
Vezi
|
Kweyama, Mnembe
|
||
Vilakazi
|
Mphephethwa, Jili, Binda
|
||
Vumase
|
Sikhumbane, Mfumu
|
||
Vumisa
|
Nkala
|
||
Vundla
|
Gigaba
|
||
W
|
2
|
||
Wela
|
Gumede,
Phakathwayo
|
||
Weza
|
Mthalane
|
||
X
|
6
|
||
Xaba
|
Nonkosi, Nginikeza
|
||
Xala
|
Gubulundu,
Mbanjwa, Zizi, Dlamini
|
||
Xhakaza
|
Nozidlele, Bhengu, Mpungane
|
Obanye benele emizini yabo
|
|
Ximba
|
Mlaba
|
||
Xolo
|
Msuthu,
Ntamonde, Thusi
|
||
Xulu
|
Makhathini, Xabhashe
|
||
Y
|
3
|
||
Yaka
|
Dlunge, Shonane, Masaphokazi,
Mayile, Dinane
|
Masala
nendawo ebanzi!
|
|
Yengwa
|
Gwamanda, Sondini
|
||
Yeni
|
Shibase,
Zondi
|
||
Z
|
16
|
||
Zama
|
Dingila,
Nombhoco, Gcugcwa, Wosiyane
|
||
Zikalala
|
Sangweni,
Hlongwane, Ngwane
|
||
Zikhali
|
|||
Zikode
|
Ntshoso, Mangethe
|
||
Zimu
|
Mtuswa, Mbhodwe
|
||
Zindela
|
Malinga,
Mlotshwa, Shazi, Cebekhulu
|
||
Ziqubu
|
Biyase, Khathini
|
||
Zitha
|
Ndawonde
|
||
Zondi
|
Nondaba, Gagashe
|
||
Zondo
|
Mthiyane
|
||
Zubane
|
Mthiya,
Zikhonjwa
|
||
Zuke
Mbhedu, Bikelwayo
|
Mbhedu,
Bikelwayo
|
||
Zulu
|
Mageba, Ndabezitha, Sithuli
|
Wena kaPhunga noMageba –
kaMalandela
ngokulandel’ izinkomo zabafokazana!
|
|
Zuma
|
Nxamalala, Mpangazitha, Msholozi
|
||
Zungu
|
Gwabini, Manzini, Sengwayo, Ncwane, Geda, Makhoba
|
Ncwane
ngankomo
yaseMahenyeni!
Nyama
kayishi;
isha
ngababhebhezeli!
Geda
kaManzini!
Sengwayo!
|
|
Zwane
|
Mangethe, Ntshosho, Zikode, Cebekhulu
|
Cool and I have a swell offer you: House Renovation What Order house renovation budget
ReplyDelete